Kutholwe isidumbu sowesifazane nengane ethuneni elingashoni

2017-12-20 07:07

Durban - Amaphoyisa aphenya amacala ambili okubulala ngemuva kokutholakala kwezidumbu ezimbili ethuneni elingashoni eSeatides eduzane nasoTongaat.

Lezi zidumbu ngesengane eneminyaka emihlanu ubudala nesowesifazane oneminyaka engu-25 ubudala.

NgoMsombuluko ebusuku isakhamuzi sakhona endaweni sibone igazi endleleni eholela ehlathini eSeatides engwaqeni omkhulu ku-M4 sabikela amaphoyisa ngokushesha.

Amaphoyisa nabeCrime Emergency Rescue Team (CERT) babe esephuthuma endaweni yesigameko beyobheka behambisana nezinja zamaphoyisa kwabe sekutholakala ithuna elingahsoni.

OLUNYE UDABA:Utholakale egqitshwe ethuneni elingashoni utolika eGauteng

NgoLwesibili ekuseni, ilungu le-CERT, uNazir Sadack, liye endaweni yesigameko lafike lachaza ngokuthi amaphoyisa azithole kanjani izidumbu; sowesifazane nesengane.

Zombili lezi zidumbu kusolwa ukuthi zishone ngenxa yokulimala emakhanda.

"Ngesikhathi sigubha, sisikhiphile isidumbu sowesifazane sabe sesibona isikibha ngaphansi sathola ingane. Bekubuhlungu, njengobaba kuvele kuzwele uma ubona ingane ikulesiya simo," kusho uSadack.

USadack uthe isigameko sokubulala kukholakala ukuthi senzeke ngaphambi kwamahora ambalwa kutholakale ithuna.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uMajor Thulani Zwane uqinisekise isigameko.

Uthe: "Kuvulwe amacala amabili okubulala ukuze kuzophenywa, kuze kube yimanje akukaboshwa muntu."

Amaphoyisa abengakazihlonzi izidumbu kanti njengamanje asafuna abantu abadukile endaweni. 


 - SUNDAY TRIBUNE

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.