Kutholwe isidumbu sowesilisa siboshwe izandla nezinyawo

2017-07-31 13:59

Durban - Simuncu isimo eNanda, enyakatho yeTheku, emuva kokuba kutholakale isidumbu sowesilisa emfuleni ongasemathuneni eMolweni, enyakatho-ntshonakanba yeTheku ngoLwesihlanu, siboshwe izandla nezinyawo.

Kusolakala ukuthi uMnu Sithembiso Ntanzi, 38, ubethunjwe ngabantu abathile ebebemsola ngokweba umazisi.

Kubikwa ukuthi bese kuphele izinsuku ezimbili engabuyi kubo okwenze ukuba umndeni wakhe usole ukuthi kukhona okushaya amanzi emuva kokuba elandwe ngabantu abangaziwa kubo.

ILANGA lihabule ngomthombo walo ukuthi umufi kufike abantu abangaziwa bamthatha bahamba naye. Kubikwa ukuthi umufi ushayiwe wafakwa nasemanzini njengoba etholwe elimele.

Umthombo wephephandaba ubike ukuthi uMnu Ntanzi ushaywa nje, ubesolwa ngokweba umazisi ndawana thizeni eBhuqwini, khona eNanda.

OLUNYE UDABA: Kudutshulwe amaphoyisa amathathu nonogada ethavebi

“Kuthiwa kuyona le ndawo kwantshontshwa izimpahla nomazisi. Kuhambe isikhathi kwaba khona osolwa ngokugqekeza kulo muzi njengoba kubikwa ukuthi ubonakele ewuphethe lo mazisi. Kuyiwe kuyena wabuzwa ukuthi uwuthathephi, wathi uwuthathe kuNtanzi.

“Ulandiwe uNtanzi kubo kwahanjwa naye. Ngicabanga ukuthi yingakho umndeni ubikele amaphoyisa ukuthi uthunjiwe.

"Akwaziwa-ke ukuthi endleleni kwenzakaleni kodwa isidumbu sakhe satholwa ngoLwesihlanu siboshwe izandla nezinyawo, kanti naye lona okuthiwa ubeshaywa naye akaziwa ukuthi ukuphi,” kusho umthombo.

Imizamo yokuthola amaphoyisa ayiphumelelanga.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.