Kutholwe isitho sangasese eceleni kwesidumbu sendoda

2017-08-30 19:29

Johannesburg - Amaphoyisa acela usizo noma kubani ongase abe nemininingwane kulandela ukutholakala kwesidumbu sendoda, 20, isitho sayo sangasese sibekwe eceleni kwaso ngaseDaveyton, e-East Rand.

Okhulumela amaphoyisa aseDaveyton, uCaptain Mesh Makole, uthe ngesikhathi amaphoyisa efika endaweni yesigameko, afice indoda idindilize phansi isitho sayo sangasese sibekwe eceleni kwayo ngoLwesibili, kubika iBenoni City Times.

OLUNYE UDABA:Kutholwe isidumbu sentombazane, 5, singenaso isitho sangasese nolimi

"Kubikwe ukuthi le ndoda yagcina ukubonakala ngomhlaka-27 Agasti," kusho uMakole.

Le ndoda ibinamanxeba emqaleni.

Imbangela yokubulawa kwayo ayikaziwa okwamanje kanti amaphoyisa ayaphenya.

Acela usizo kunoma ngubani ongaba nolwazi ngesigameko ukuba axhumane namaphoyisa aseDaveyton ku-011 845 9800.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.