Kutholwe izidumbu emotweni ku-N14 eGoli

2017-10-16 18:00

Johannesburg - Kutholwe abantu ababili beshonile emotweni ebipake emgwaqeni ku-N14 eDiepsloot, enyakatho yeGoli.

Okhulumela abosizo lokuqala i-ER24, uRussel Meiring, uthe abosizo lokuqala bathole imoto ipake emgwaqeni ngaphakathi kuyo bekukhona owesilisa nowesifazane.

"Abosizo lokuqala bahlole laba bobabili, bathola ukuthi sebeshonile.

OLUNYE UDABA:Kutholakale izidumbu ezintathu emotweni eshile eBenoni

"Ngeshwa, akukho obekungasenziwa ukuhlenga lezi zisulu, zahlonzwa njengezishonile endaweni yesigameko," kusho uMeiring.

Uthe imbangela yokushona kwabo ayikaziwa, kodwa amaphoyisa asaphenya.

Kwesinye isigameko, kutholakale isidumbu somuntu wesilisa esiqukathini okugcinwa kuso ukudla kwezilwane esiseCarletonville, eWest Rand.

Akucaci kahle ukuthi ngabe le ndoda iwele kulesi siqukathi ngephutha noma iphonswe kuso ngamabomu.

OweGladiator Distress Alert, uGirret Bradnick, uthe abaphenyi basendaweni yesigameko ukuthola imbangela yokushona kukamufi.


- African News Agency

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.