Kutholwe usana kuplastiki kadoti

2017-09-19 07:01

Johannesburg - Kutholwe usana oluzelwe lufihlwe kuplastiki omnyama womgqomo kuveranda womuzi ose-East London ngoMgqibelo ntambama.

Kutholwe nencwajana evela kumama wosana ecela ukuba luhanjiswe endaweni ephephile.

Le ncwajana yalo mama icasule amaphoyisa  amfuna evalelwe ejele.

OLUNYE UDABA: Kutholwe ingane yentombazane emgwaqeni

Lolu sana olunezinsuku ezintathu luzelwe lutholwe lulahlwe ngaphandle komuzi wothisha oneminyaka engu-51 ubudala ngemuva kwezithuba zabo-15:00.

Okhulumela amaphoyisa uCaptain Nkosikho Mzuku, uthe usana luqale lwabona izingane ezine ebezivakashele umngani wazo emzini walo thisha.

"Zibe sezingqongqoza esicabheni, kuthe lo thisha uma evula zamazisa ukuthi kunengane kuplastiki womgqomo. Lo thisha wawuvula uplastiki wathola ingange yomfana igoqwe ngesikibha nejakhethi yendoda. Ube eseshayela ucingo amaphoyisa, afika endaweni yeisgameko athola incwajana phakathi kuplastiki," kusho uMzuku.

Le ncwadi ibibhalwe ngesixhosa kanti ifundeka kanje: "Ngicela uthathe le ngane uyise esiteshini samaphoyisa. Ubaba wayo ufuna ukuyidayisa. Ngibalekile nayo. Uzolokhe ehamba esifuna. Kungcono kufe mina kunengane emsulwa. Ngibelethe ngomhlaka-14 Septhemba 2017 ngezithuba zabo-11:00. UNkulunkulu akubusise. Ngiyabonga."

UMzuku uthe ingane iphuthunyiswe esibhedlela iFrere lapho eyethwe khona igama likaNtando.

Onolwazi uyacelwa ukuba axhumane ne-East London Family Violence and Child Protection Unit ku-043 722 9718.

 - DispatchLIVE

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.