Kuthungathwa ababulale abantu abangu-6 eMpumalanga

2017-10-15 08:30

Johannesburg - Amaphoyisa e-Ogies athungatha amadoda amane adubule abulala abantu abangu-6 emjondolo yaseSteyn eduzane nase-Ogies, kusho amaphoyisa aseMpumalanga.

"Kusolwa ukuthi ngoLwesine, wangomhlaka-12 Okthoba 2017, ngezithuba zabo-19:00, amadoda amane afika emjondolo owawunabatu abadabuka eLesotho," kusho uBrigadier Leonard Hlathi.

"La madoda afike abuza ngomunye wabo owabulawa owayehlala eRietspruit, eduzane naseKriel," usho njalo.

OLUNYE UDABA:Kubulawe abantu abane eMlazi oshayasibhamu bevulela ngenhlamvu

"La bantu abathi abazi ukuthi le ndoda abakhuluma ngayo yabulawa ngubani, badutshulwa babulawa ngesihluku. Abantu abane bashonela endaweni yesigameko, ababili bashonela esibhedlela. Kwadutshulwa abesifazane abathathu nabesilisa abathathu, kubo kwakunezithandani."

Uphenyo luveze ukuthi izisulu ezinhlanu zidabuka eLesotho kuthi esisodwa siyisakhamuzi sakuleli. Kubikwe ukuthi abasolwa babehamba ngetekisi yohlobo lwe-Toyota Quantum, bekhuluma ulimi lwabeSotho futhi behlomile, kusho uHlathi.

Onolwazi ngesigameko uyacelwa ukuba athinte umseshi uDetective Wararnt Office John Mothupi ku-082 604 1340.

– African News Agency (ANA)

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.