Kuthungathwa ababulale isekela likathishanhlolo esikoleni

2017-09-27 12:29

Johannesburg - Kuthungathwa amadoda amathathu angene esikoleni iDalinceba Primary, eDuduza, eNigel, eKurhuleni, adubula abulala isekela likathishanhloko, 56, ehhovisi lalo.

Abafundi nothisha esikoleni bathola ukwelulekwa ngokomqondo kulandela isigameko esinesihluku esenzeke ngesikhathi sesikole.

Okhulumela amaphoyisa uKay Makhubele uqinisekise ukuthi kufike oshayasibhamu abangaziwa esikoleni bacela isekela likathishanhloko.

OLUNYE UDABA:Kudutshulwe isekela likathishanhloko emagcekeni esikole

Labo shayasibhamu bathe babizelwe ukuzokhanda ugesi obunenkinga kulesi sikole.

"Ngesikhathi sebesho igama laloyo abaze kuye, unobhala wesikole ube eseyombiza. Ube esemtshela ukuthi kunabantu abeze kuye.

"Ube esephuma kubo kanti bazomdubula bephindelela.

"Ushonele endaweni yesigameko. Abasolwa babaleka ngemoto yohlobo lweMazda 3 ebomvu," kusho uMakhubele.

Imbangela yesigameko sokubulala ayikaziwa, esho. UMakhubele uthe bebesezinhlelweni zokwazisa umndeni wesisulu ngesehlakalo.

UNgqongqoshe wezeMfundo eGauteng, uPanyaza Lesufi uphuthume esikoleni eyozwa kahle ukuthi kwenzekeni.

Utshele abomsakazo wendawo ukuthi ababulali bebazi kahle ukuthi bafuna bani.

"Bafike bazenza abantu abazolungisa ugesi. Ngesikhathi unogada wesikole ebatshela ukuthi akaze atshelwe ngalolu daba, bathe bashayelwe yisekela likatshishanhloko ucingo," kusho uLesufi.

Ngokusho kukangqongqoshe, la madoda alandele unogada abe esehlangana nesekela likathishanhloko alidubula alibulala bukhoma.

ULesufi uphinde wathi abafundi nothisha esikoleni bazotholwa ukwelulekwa ngokomqondo kulandela isigameko.

 - The Star

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.