Kuthungathwa abasolwa ababandakanyeka emacaleni okubulala eMlazi

2017-12-22 12:31

Durban - Ibamba likaKhomishana wamaPhoyisa kwaZulu-Natal uMajor General Bheki Langa likugxekile ukubulawa kwabantu abathathu esigcemeni sakwa-D eMlazi, eningizimu yeTheku.

Ngokwesitatimende, uLanga uthe: "Kuyathusa ukubulawa kwabantu ngesihluku esingaka futhi sinxusa umphakathi ukuba ubambisane namaphoyisa ukuze kuzophela lolu dlame.

"Kukhethwe abaseshi abamkantshubomvu ukuze bathungathe abasolwa, kodwa ngeke bakwazi ukusebenza bodwa, yingakho nginxusa abanolwazi ukuba babambisane nabo."

Isigameko sokuqala senzeke phakathi kwamabili ngesikhathi kushishwa umjondolo kunabantu abathathu phakathi.

Lokhu kwenzeke esigcemeni sakwa-D kanti la bantu bashe bangqongga kulo mjondolo.

Ngesikhathi kwenzeka lokhu, amaphoyisa aseMlazi abenza umzungezo owejwayelekile ngesikhathi ezwa kuqhuma isibhamu, kuthe uma enikela kule ndawo amaphoyisa, abasolwa babaleka kodwa besadubula, bebhekise emaphoyiseni.

OLUNYE UDABA:Basale enkundleni abasolwa abahlanu eThekwini

Laba basolwa babaleke baphela emehlweni.

Kuvulwe amacala amathathu okubulala ngalesi sehlakalo kanti inhloso yokuhlaselwa kwalaba bantu kayikaqondakali.

Kwesinye isigameko esenzeke ngoLwesibili eCoveway, eMthwalume, kuhlaselwe amalungu amane omndeni.

La malungu aseminyakeni ephakathi kuka-9 kuya ku-73 ubudala ashonile ngesikhathi kushiswa ikhaya lawo.

Kuvulwe amacala amane okubulala kanti uphenyo lusaqhubeka.


Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.