Kuthungathwa abasolwa ngokubamba inkunzi epulazini

2017-06-15 19:29

Kimberley - Amaphoyisa aphansi phezulu athungatha abasolwa ngemuva kokuba abasolwa abahlanu abebehlomile bebambe inkunzi ipulazi eliseduzane naseKimberley.

Abasolwa babophe izandla nezinyawo umnikazi wepulazi, indodakazi yakhe kanye nomkhwekazi, ngezithuba zabo-08:00 ngoLwesine ekuseni.

OLUNYE UDABA:Kuthungathwa abasolwa kulandela ukudutshulwa kwephoyisa eMamelodi

Kukholakala ukuthi abasolwa abebehlomile, oyedwa wabo obephethe isibhamu esikhulu, bangene kule ndawo engamakhilomitha ayishumi ukusuka eKimberley uma uqhamuka nganeRitchie ku-N12.

Kuthiwa babophe lo mndeni bawufuna izibhamu kanye nenye impahla ngaphambi kokubaleka kuleli pulazi ngemoto yohlobo lweMercedes Benz kankosikazi.

Lolu nyanyavu lwemoto lutholwe ngamaphoyisa abehamba ngendiza enophephela emhlane ngaku-N12.

Le ndiza ibifuna imoto yohlobo lweToyota Land Cruiser eyebiwa eMokala National Park ngoLwesithathu ebusuku.

 - Diamond Fields Advertiser

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.