Kuthungathwa abasolwa ngokubulala owe-ANC namalungu amabili omphakathi

2018-03-12 14:01

Durban - Amaphoyisa athungatha abantu abathathu ababandakanyeka esigamekweni sokubulawa kwesikhulu sikaKhongolose namalungu omphakathi amabili endaweni yaseMfume eduzane naseMgababa.

I-ANC KwaZulu-Natal ithe uNqobizwe Mkhize udutshulwe wabulawa ekwakhe phambi kukankosikazi wakhe ozithwele, ekuseni ngoMgqobelo.

Ubebandakanyeka ekugqugquzeleni ukuvota njengoba kubhekwe okhethweni.

"Bakhahlela umnyango badubula uMkhize. Uthole amanxeba okudutshulwa emzimbeni washona ujuqu endaweni yesigameko.

OLUNYE UDABA:Kubulawe indoda emhlanganweni we-ANC

"Imbangela yokubulala ibingakaziwa okwamanje," kusho uNqobile Gwala okhulumela amaphoyisa.

UGwala uthe oshayasibhamu badubula amalungu omphakathi amabili ngesikhathi bezama ukubaleka.

"Izisulu zineminyaka ephakathi kwengu-27 nengu-29 ubudala, zazihamba zibheke emakhaya azo ngesikhathi zihlaselwa amadoda amathathu angaziwa ayehamba ngemoto.

"Siyacela kunoma ngubani ongase abenemininingwane ngabasolwa ukuba axhumane namaphoyisa endawo," kusho uGwala. 

 - Newswatch

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.