Kuthungathwa abasolwa ngokubulalela umuthi eLimpopo

2017-06-10 15:30

Johannesburg -  Amaphoyisa aphansi phezulu athungatha labo ababandakanyeka esigamekweni sokubulawa kowesifazane, okusolwa ukuthi kubulawele umuthi, kusho amaphoyisa ngoMgqibelo.

"Ithimba lamaphoyisa eliholwa wuMajor-General Bafana Linda esebenzisana kanye namanye amaphoyisa liqalise uphenyo olunzulu njengoba lithungatha abasolwa ababulale owesifazane osemncane esigodini esingaphandle kwaseThohoyandou," kusho uLt-Col Moatshe Ngoepe ngoMgqobelo.

Isidumbu sowesifazane esishumpuliwe sitholwe abantu ababedlula ngendlela ehlathini elingaphandle kwaseMaung village ngezithuba zabo-07:30 ngoMgqibelo base bebikela amaphoyisa.

OLUNYE UDABA: Uhlalele ovalweni umphakathi kutholakala isidumbu esishumpuliwe

"Amaphoyisa alusukumela ngokushesha udaba, afika endaweni yesigameko afica isidumbu sowesifazane ongaziwa esishumpuliwe, ezinye izicubu zomzimba zingasekho. Isidumbu besi namanxeba ekhanda. Lo wesifzane kubueka sengathi ubulawele kwenye indawo wase ezolahlwa kuleli hlathi. Imbangela yesigameko kusolwa ukuthi ihlobene neyemithi kodwa amaphoyisa asaqhubeka nophenyo."

Akukaboshwa muntu okwamanje kanti ongase asize ngokuhlonza lo wesifazane noma onemininingwna ngesigameko uyacelwa ukuba ashayele uBrigadier James Espach ku-082 576 0743 noma uCrime DStop ku-08600 10111 noma athumele umqhafazo ku-32211.


– African News Agency (ANA)

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.