Kuthungathwa abasolwa ngokweba ama-perfume emali engu-R600 000

2017-02-03 19:29

Johannesburg - Amaphoyisa aseDouglasdale eRandburg aseqalile ukuthungatha abasolwa abagqekeza esitolo esisenxanxathela yezitolo iLonehill Red Square.

Ngokusho kombiko wamaphoyisa, imenenja yesitolo yathola ucingo oluvela kunogada ngokukhala kwe-alamu yesitolo ngezithuba zabo-06:00 ekuseni ngomhlaka-30 Januwari, kubika iRandburg Sun.

Le menenja yabe isiyobheka ukuthi kuqhubekani yafike yathola ukuthi kugqekeziwe esitolo. Kwebiwa ama-perfume emali engu-R600 000.

OLUNYE UDABA: Kwebiwe ama-perfume emali engu-R200 000 kwa-Clicks

"Uphenyo lwakamuva lwamaphoyisa ludalule ukuthi abasolwa babesebenzisa imoto yohlobo lwe-Volkswagen Caddy emhlophe enenumber plate ekungesiyo ukulayisha ama-perfume," kusho okhulumela amaphoyisa aseDouglasdale, uCaptain Mpho Kgasoane.

Amaphoyisa acebise amalungu omphakathi ngokuthi angayithengi impahla eyebiwe, njengoba kuqhubeza izinga lobugebengu.

"Sicela onolwazi ngesigameko ukuba athintane nabaseshi baseDouglasdale ku-011 699 1333," usho njalo.

 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter                


NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.