Kuthungathwa abesimame abathathu ngezinsolo zokudlwengula indoda

2017-05-25 18:01

Pretoria - Owesilisa wasePitoli usale eshaqekile kulandela isigameko sokudlwengulwa abantu besifazane abathathu ngesonto eledlule.

Esitatimendeni samaphoyisakuvele ukuthi indoda eneminyaka engu-23 ubudala yaseNellmapius empumalanga yePitoli ithe yahlangabezana nalolu dweshu ngoLwesihlanu ngesikhathi igibela etekisini kuSolomon Mahlangu Drive ibheke edolobheni khona ePitoli.

Amaphoyisa aphenya icala lokudlwengula futhi athungatha izigilamkhuba, athe isisulu sithe ngaphandle komshayeli kwakukhona abantu besifazane abathathu etekisini.

Endleleni ebheke edolobheni umshayeli wetekisi washintsha indlela, kusho okhulumela amaphoyisa uCaptain Colette Weilbach.

OLUNYE UDABA: Udlwengulwe ngabesifazane ababili waquleka

Uthe le ndoda esencane yatshelwa ukuthi ize ngaphambili. Oyedwa wala bantu besifazane kusolwa ukuthi wayijova ngomjovo ongaziwa yaquleka.

"Ithe yaphaphama egumbini engalazi elinombhede owodwa futhi omncane. Abasolwa kusolakala  ukuthi babe sebephoqa le ndoda ukuthi iphuze i-energy drink ngaphambi kokushintshana ngayo beyidlwengula usuku lonke," kusho uCaptain Weilbach.

Uthe ngeSonto ntambama le ndoda bayishiya ehlathini eliseBenoni.

Le ndoda yayibuhlungu ngokuyehlele kodwa isilutholile usizo lodokotela, kusho uCaptain Weilbach.

"Amaphoyisa ophiko lweSouth African Police Service (SAPS) amacala okuhlukumeza ngokocansi awathathela phezulu awakhathaleli bulili.

"ITshwane Central Cluster FCS iqinisekisa zonke izisulu zokuhlukunyezwa ngokocansi ukuthi izokwenza uphenyo olunzulu ukuze kuzoboshwa izigilamkhuba," kusho uCpatain Weilbach.

Unxuse lowo onolwazi ngesigameko ukuba axhumane neTshwane Central Cluster FCS Unit ku-(012) 353 5301 okanye amaphoyisa ophiko lwe-SAPS ku-08600 10111 noma athumele umqhafazo ku-32211.

- “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter



- TMG Digital/TimesLIVE

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.

Inside News24

 
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.