Kuthungathwa amadoda azame ukugebenga imoto yemali ePitoli

2016-08-10 10:01

Pretoria - Amadoda amahlanu abehamba ngezimoto ezahlukene adudule unogada engema kwinxanxathela yezitolo, kubika i-Citizen.

Okwamanje akukaboshwa muntu  ngalesi sigameko sokugebenga imoto eyamali enyakatho nePitoli ngempelasonto.

Kuthiwa lamadoda avulela ngenhlamvu ngesikhathi ebamba lo nogada obehambisa imali eBig Tree Mall eCullinan.

OLUNYE UDABA:Isisulu sivalele ekhoneni umsolwa kwaze kwafika amaphoyisa

Ngokusho kukaKay Makhubela okhulumela amaphoyisa uthe uphenyo lusaqhubeka.

“Ngesikhathi behlasela, unogada wavele wathuka wacofa inkinobho yosizo oluphuthumayo, nokuyilapho abavulele khona ngenhlamvu.

“Ngenhlanhla akulimalanga muntu kanti izigebengu zibaleke nesibhamu sikanogada bashiya imali,”kusho uMakhubele.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
Most Read
News In Your Area
Top Lifestyle
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.