Kusathungathwa indoda yesithathu eminze kunenkonzo yokubhabhadisa

2018-03-27 07:30

Cape Town - Uphiko lwamaphoyisa angabatshuzi luzoqhubeka nokuthungatha owesilisa oneminyaka engu-30 ubudala ogwilize ngesikhathi kuqhubeka inkonzo yokubhabhadisa eMonwabisi Beach.

Le ndoda engenye yamathathu, abalelwa eminyakeni eko-30 ubudala, egwilize ngeSonto kulolu lwandle oludume ngamagagasi amakhulu futhi anamandla.

Ababili kwabaminzile bangabazalwane baseSt Paul's Apostolic Faith Mission Church, eseKhayelitsha, kanti le enye ibiyisakhamuzi ebesizama ukusiza.

Okhulumela uMkhandlu waseKapa, uWayne Dyason, uthe lesi sigameko senzeke ngaphambi kokuba kufike ama-lifeguard emsebenzini.

OLUNYE UDABA: Kuminze abathathu abebeyobhabhadisa olwandle

Unxuse amabandla ukuba axhumane neMnyango wezamapaki nezokungcebeleka uma enza izinkonzo zalolu hlobo.

“Siyanxusa ukuba amabandla abhukhe kuqala noma afake isicelo sokusebenzisa ulwandle. Ngaleyo ndlela, sizokwazi ukuthi kunabantu abeza olwandle ngezizathu ezithile mhalwumbe singase sibahlinzeke ngama-lifegaurd kuleso sikhathi."

Izidumbu zalawa amanye amadoda amabili zitholakale ngeSonto.

OweNational Sea Rescue Institute, uCraig Lambinon, uphawule ngeSonto wathi: “Amadoda amathathu abesenkonzweni yombhabhadiso ngesikhathi egugulwa yigagasi kusaqhubeka inkonzo.

"Kutholakale isidumbu esisodwa, kanti esinye size satholwa ngamaphoyisa angabatshuzi."


Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.