Kuthungathwa iziboshwa ezeqe ejele eLimpopo

2017-10-27 14:00

Johannesburg - Sekweqe iziboshwa ezingu-6 ejele iKutama Senthumule eLimpopo ngemuva kokuba ojele bengenele isiteleka.

Kukholakala ukuthi lezi ziboshwa zivuke umbhejezane, zacekela phansi impahla ngokuyokhela ngomlilo.

Amaphoyisa aseqalile athungatha iziboshwa ezeqile axwayisa izakhamuzi ngokuthi zingazami ukuwabamba la madoda afunwayo.

OLUNYE UDABA: Kweqe iziboshwa ezingaphezulu kuka-500

Okhulumela amaphoyisa uMotlafela Mojapelo uthe: "Siyacela kumalungu omphakathi ukuthi angazami ukuwabamba la madoda ngoba ayingozi. 

"Sivule amacala okucekela phansi impahla, ukushisa, ukusabisa ngoba sikholwa wukuthi abanye abasebenzi abebesebenza ngaleso sikhathi basatshiswe yilabo abatelekayo."

Ngenyanga eyedlule, kweqa iziboshwa eziyisihlanu eMpangeni, KwaZulu-Natal.

AboMnyango wezamaJele bakhipha isitatimende beqinisekisa isigameko babe sebecela usizo lokufuniswa lezi ziboshwa kumalungu omphakathi.

Zagcina zitholakale zonke, zaphinde zaboshwa.


 - EWN

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Lockdown For
DAYS
HRS
MINS
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.