Kuthungathwa iziboshwa ezeqe ejele laseSun City

2018-04-09 12:30

eGoli -  Amaphoyisa kanye naboMnyango wesokuHlunyeleliswa kwezimilo baphume umkhankaso wokuthungatha iziboshwa ezeqe ejele.

Kuthiwa zingu-16 izoboshwa ezeqe esikhungweni iJohannesburg Correctional Centre.

USingabakho Nxumalo okhulumela lo mnyango uqinisekise lokhu ngesikhathi etshela abeDaily Sun ukuthi zingu-16 iziboshwa ezeqe ngoMsombuluko ekuseni.

Leli ziboshwa zeqe ngepayipi zisebenzisa isikhali esithile ukuvula imbobo odongeni zase zeqa ufenisi.

OLUNYE UDABA:Kugwazwe ojele ababili ejele eliseGoodwood

Kuvulwe icala ngalesi sigameko kanti amaphoyisa asaqoqa bonke ubufakazi obuzosiza kubanjwe lezi ziboshwa.

"Okwamanje sisahlanginisa imininingwane yabo ukuze ikhishelwe emphakathini,"kusho uNxumalo.

Lo mnyango unxusa amalungu omphakathi ukuba usizi kubanjwe lezi zigelekeqe.


NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.