Kuthungathwa odubule abantu abangu-7 abahlala emgwaqeni eGoli

2017-09-06 19:30

Johannesburg - Indoda engaziwa isolwa ngokudubula abantu abangu-7 abahlala emgwaqeni ngoLwesithathu ntambama edolobheni, eGoli.

Izisulu kuzwakale ukuthi bezihlala ngaphandle kwamafulethi akuGoud Street, kusho okhulumela amaphoyisa uCaptain Kay Makhubela.

"Le ndoda itshele izisulu ukuthi azihambe kule ndawo. Ngesikhathi zinqaba, le ndoda ihambile yabuya nesigejane samadoda," usho njalo.

"Ngesikhathi isibuya, iphinde yabacela ukuba bahambe, kwathi uma benqaba, yavulela ngenganono ibhekise ngakubo."

OLUNYE UDABA:EZINGENA MANJE: Kudutshulwe abantu angu-7 enkabeni yeGoli

Le ndoda ibalekile endaweni yesigameko kanti ibingakatholakali.

UMakhubela uthe abalimele baphuthunyiswe esibhedlela.

UXolani Mbokazi, ongomunye wabantu abahlala emgwaqeni obesasendaweni yesigameko, utshele abezindaba iNews24 ukuthi la madoda "ashise izimpahla zethu asitshela ukuthi sihambe kodwa senqaba".

"Kuzobanzima ukungabi nayo indawo yokuhlala. Angazi kungani besixoshile kule ndawo. Uma lina izulu sibamanzi. Manje sekufanele sithole enye indawo yokuhlala," esho.

URussel Meiring we-ER24, uthe bafice owesifazane namadoda ayisithupha ngaphandle kwaleli fulethi bedutshuliwe.

UMeiring uthe kulimale abantu abangu-7, ababili basesimeni esibucayi.

"Abosizo lokuqala bahlenge la bantu endaweni yesigameko base bedluliselwa ezibhedlela ezahlukene."

Akukaboshwa muntu okwamanje kanti amaphoyisa aphenya icala lokuzama ukubulala.


NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.