Kuthungathwa odubule izithandani zilele eThekwini

2017-05-22 16:01

Durban - Amaphoyisa athungatha umsolwa odubule walimaza abantu abathathu eBurnwood eduzane naseSydenham, eThekwini.

Okhulumela amaphoyisa aKwaZulu-Natal uNqobile Gwala uthe umsolwa uhlasele izithandani zisalele, kwalimala nomunye umuntu wesithathu.

Imbangela yokuhlasela ayaziwa.

"Kubenesigameko sokudubula emjondolo yaseBurnwood lapho okuhlaselwe khona izithandani ebezilele kwenziwa ngumsolwa ongaziwa. Umsolwa uzidubule imilenze nezingalo, inhlamvu yathola nomuntu wesithathu oyisakhamuzi endaweni.

"Izisulu ziphuthunyiswe esibhedlela ziyolashwa kanti umsolwa yena ubalekile endaweni yesigameko. 

OLUNYE UDABA: Kudutshulwe izithandani zivikela indodakazi yazo

"Amaphoyisa asamthungatha, imbangela yesehlakalo iyaphenywa."

Khonamanjalo, uGwala uthe isigameko sesiqubule umbhikisho endaweni njengoba izakhamuzi zifuna kuboshiwe umsolwa.

"Amalungu omphakathi aseqale umbhikisho ekhoneni likaStanely Copley noRandles eSydenham zifuna umsolwa ahambe endaweni.

"Umphakathi uvale umgwaqo ngamathayi avuthayo nangezihlahla. Uphinde wakhanda imoto yamaphoyisa ngamatshe.

"Amaphoyisa asendaweni yesigameko aqaphe isimo. Abaholi bendawo yaseSydenham baxoxisana nomphakathi njengamanje."

 - SABC

 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.

Inside News24

 
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.