Kuthungathwa oshumpule ikhanda lesalukazi

2017-12-28 11:00

Johannesburg - Amaphoyisa athungatha isigelekeqe esishumpule ikhanda lagogo oneminyaka engu-61 ubudala ngoMgqibelo sabaleka.

UMaria Ndlovu wabulawa ngembazo ngezithuba zabo-22:00 emzini wakhe oseKumani Village ngaphandle kwaseThulamahasge eMpumalanga.

U-Esther Zitha, 65, obevakashele ugogo Ndlovu ngesikhathi kwenzeka lokhu utshele iDaily Sun ukuthi basebelungiselela ukulala ngesikhathi kungqongqoza umuntu.

"UNdlovu wavula, ezitshela ukuthi kungqongqoza indodana yakhe.

OLUNYE UDABA:Izigebengu zinqume owesilisa ikhanda, zamkhipha nenhliziyo

"Kodwa kwakuyindoda eyayinobudlelwano nendodakazi kaNdlovu uSibongile."

UZitha uthe le ndoda yahilizisa uNdlovu imsolwa ngokudayisa ngoSbongile, 24, kwenye indoda.

"Baxabana isikhashana le ndoda yabe isiphuma ngomnyango, ihamba ngemuva kokunqumela uNldovu ugwayi katiki ngokubuyisa uSibongile nengane yabo emzini wayo.

"Le ndoda yaphinde yabuya isiphethe imbazo, isizimisele ngokumbulala uNldovu.

"Bathi ukuhilizisana uNdlovu waze wakwazi ukuphuma endlini, kodwa yaphuma nayo le ndoda yajahha uNdlovu yamfica, yamshumpula ikhanda yase ibaleka."

Umholi womphakathi uPhanuel Hlatshwayo, 65, uthe uNldovu ubengenawo umazisi njengoba engodabuka eMozambique.

"Kuzobanzima ukuba umndeni wenze izinhlelo zokufihlwa kwakhe njengoba engekho onemali," usho njalo.

USibongile uthe uhlukane nomsolwa ngesonto eledlule wakuphika ukuthi unengane naye.

UColonel John Ngwenya uthe kuvulwe icala lokubulala. Wacela kuloyo ongse abe nolwazi ngesigameko axhumane noWarrant Officer Jeffrey Sithole ku-078 130 1005 noma ku-013 773 0331.



Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.