Kuthungathwa osolwa ngokubulala umasitende wakhe

2016-08-03 11:01

Cator Manor - Amaphoyisa athungatha owesilisa  oyisiqashi ngecala lokubhokoda umasitende wakhe ngommese, kubika iSOLEZWE.

Ngokusho kukaConstable Dumisani Mbhele, umsolwa ungowokufika kuleli kanti kuthiwa ugwaze umqashi ngemuva kwengxabano.

OLUNYE UDABA:Ubulale isiqashi esithenge iKFC singarentile

Ngokusho komunye umqashi uNombuso Zwane, umsolwa ufike wavalelisa kumqashi emtshela ukuthi useyahamba ngoba usethole ifulethi.

“Wasitshela sonke ukuthi useyahamba futhi nemali yenyanga ka-Ncwaba ngeke ayikhokhe, kwakunguLwesihlanu ekuseni ehamba, simangele esebuya ebusuku phakathi kwamabili esenolaka,”kusho uZwane.

Kuthiwa umsolwa wayelwa nomufi emubiza ngesitabane, wathi ephuma umufi endlini yakhe eya endlini encane wabuya opha enamanxeba okugwazwa.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.