Kuthungathwa ovulele ngenhlamvu kwashona oyedwa eGoli

2017-08-28 07:28

Johannesbuirg – Amaphoyisa aseGauteng asathungatha owesilisa odubule wabulala umuntu oyedwa, kwalimala abayisikhombisa kwikhonsathi ebiseHillbrow Theatre eGoli.

Kukholakala ukuthi ushayasibhamu, obehlezi nezinye izihlwele, uthathe umbhobho wokukhuluma wesabisa ngokuthi uzophela umcimbi uma umakhalekhukhwini wakhe owebiwe ungabuyiswa.

Iziphathimandla zithi ube esekhipha isibhamu, wavulela ngenhlamvu ebhekise ezihlweleni. Ngemuva kwalokho wabaleka ngonyawo.

OLUNYE UDABA: Abafundi badube ukufunda befuna ukugqoka 'ama-skinny'

Okhulumela amaphoyisa uLungelo Dlamini uthi uphenyo luyaqhubeka.

“Amaphoyisa aphenya ngecala lokubulala ngemuva kokuba owesilisa edubule abantu abangu-8. Omunye wabo ushonile. Sesiqalile ukumthungatha.”

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.