Kuthungathwa owesilisa ngelokubulala izelamani

2017-07-22 12:02

Durban - Amaphoyisa ase-Alexandra kanye nemindeni emibili yezisulu iziyizelamani banxusa umphakathi ukuba ulekelele ngokuthungathwa komsolwa.

UColonel Johannes Tau okhulumela amaphoyisa uqinisekisile ukuthi kunomsolwa osagcwele amathafa okusolakala ukuthi ungumbulali.

Ngokubika kwephephandaba lomphakathi i-Alex News u-Itumeleng Sefolo, 24, wayeyintombi yomsolwa kanye nomfowabo uTshepo, 23 badutshulwe babulawa.

Laba babulawele ekhaya lakubo eliku-12th Avenue ekuseni ngo-6:00 ngomhlaka 12 kwephezulu.

Umsolwa uTebogo Padi, unezingane ezimbili no-Itumeleng kanti kukholakala ukuthi zingane zikubone konke okwenzekile kubulawa umama wazo kanye nomalume wazo.

Umalume wezisulu uLehlohonolo Lesibu uthi isisulu safika ngobusuku obandulela isigameko ehamba ngemoto ezolanda izingane umama wazo engekho kanti umalume wezingane engafuni athathe izingane.

OLUNYE UDABA:Kuphume isidumbu izelamani zibanga intambo kagesi

Ngesikhathi esebuya umama wezingane wafonela umsolwa ethi akabuyise izingane, kungenjalo uzobikela amaphoyisa ukuba uzithumbile.

Kuthiwa laba babanengxabano umsolwa watshela umama wezingane ukuthi ngeke aphine azibone. Yize kunjalo wazibuyisa izingane ekuseni ngosuku olulandelayo wahlangana nomalume wazo nokunguyena owabiza udadewabo.

Ngemuva kwalokho kuzwakale ingxabano u-Itumeleng encenga umsolwa ukuba engabadubuli.

ULesibu uthi wezwa kuqhuma isibhamu amahlanhla ayisikhombisa. Uthi waphuma egijima eyobona ukuthi kwenzekani nokuyilapho ahilizisane khona nomsolwa kwaphuma imagazini yesibhamu.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.