Kuthungathwa owesimame ngokweba ingane enezinyanga ezinhlanu

2018-01-11 07:07

Tzaneen – Ingane enezinyanga ezinhlanu ithunjwe ngowesimame endaweni engaphandle kwaseModjadjieskloof, ngaseTzaneen ngoLwesithathu, kusho amaphoyisa aseLimpopo.

Lo wesimame okukholakala ukuthi usekhulile, ucele indawo yokulala kulo muzi athumbe kuwo ingane ngoLwesibili ebusuku, kusho uLieutenant Colonel Moatshe Ngoepe.

"NgoLwesithathu ekuseni, umama wale ngane uvuke waya ezitolo, uma esebuya, uthole umsolwa kanye nendodakazi yakhe enezinyanga ezinhlanu bengasekho,"kusho uNgoepe.

OLUNYE UDABA:Ingane ikhalakathele emgodini onamanzi yashona idlala nabangani

UNgoepe uthi amaphoyisa aphume umkhankaso wokuthungatha lo msolwa kanye nengane ngemuva kokubikelwa ngalesi sigameko.

"Uphenyo lokuqala luveza ukuthi umsolwa obonakale egibela itekisi elibangise eMakhado, ngemuva kwalokho, kuthiwa ubesehamba ecela ama-lift," kuqhubeka yena.

Kuthiwa lowesimame unezinwele ezincane futhi ugcine ukubonakale egqoke isikibha esiphinki ebhince ithawula eliphephuli.

Amaphoyisa acela umphakathi ulekelele ngolwazi olungaba wusizo ngokuxhumana noColonel Cecil Machimana ku-082 451 7181.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.