Kuthungathwa ummeli oqavile ngecala lokuzama ukubulala

2017-06-23 09:30

Polokwane – Amaphoyisa aseLimpopo asecele ummeli oqavile ukuba abasize ophenyweni lawo ecaleni lokuzama ukubulala.

Kusolwa ukuthi ummeli ubesepulazini laseZebediela Citrus – eningizimu yePolokwane ngoLwesine ekuseni  - ngesikhathi abasebenzi befuna achaze ngokubanjelwa kwabo izimali kusukela ngo-2016 ngesikhathi esasesikhundleni epulazini.

Okhulumela amaphoyisa uLieutenant Colonel Moatshe Ngoepe uthe ummeli angawasiza ophenyweni lawo kulandela isigameko sokudubula esenzeke epulazini sashiya kulimele abantu abane.

Ekhuluma esendaweni yesigameko, uNgoepe uthe bathole umbiko ngesigameko sokudubula esenzeke epulazini.

OLUNYE UDABA: Ushonile ubaba odutshulwe ngephutha ehambisa ingane enkulisa

“Namhlanje ekuseni [ngoLwesine], sithole umbiko othi kube nesigameko sokudubula. Sithole ukuthi abantu abane badutshuliwe, balinyazwa ngummeli oqavile esifundazweni. Sisamlandela, kodwa asazi ukuthi kwenzakaleni njengoba sisaqhuba uphenyo nje.”

“Sinxusa amalungu omphakathi anolwazi ukuthi ukephi amazise ukuthi kumele azinikele emaphoyiseni ukuze ezosiza kulolu phenyo,” kusho uNgoepe.

Uthe esinye sezisulu silimale kabi, kanti ezinye ezintathu zisesimeni esethembisayo.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.