Kuthungathwa umshayeli we-Uber ohlukumeze ngokocansi owesifazane

2017-08-05 12:53

Cape Town – Kuthungathwa umshayeli we-Uber osolwa ngokuhlukumeza ngokocansi owesifazane obegibele emotweni yakhe eDelft, kusho amaphoyisa aseWestern Cape.

Owesilisa, okukholakala ukuthi uneminyaka eko-20 ubudala, kuthiwa uhlukumeze umgibeli ngemuva kokumbeka endlini yakhe eDelft ngoJulayi 27, kusho okhulumela amaphoyisa aseWestern Cape Police uFC van Wyk esitatimendeni ngoLwesihlanu.

Owesifazane wayegibele imoto esuka eWynberg.

Kuthe uma efika endlini yakhe ngo-00:30, umshayeli wacela ukusebenzisa indlu yangasese.

“Kuthe uma ephuma endlini yangasese, wamqabula emqaleni, wafakaka isandla sakhe esithweni sangasese sowesifazane. Owesifazane wazama ukumdudula, wamtshela ukuthi akahambe,” kusho uVan Wyk etshela iNews24.

OLUNYE UDABA: Kufunwa izihlobo zoshone egijima emgwaqeni

I-akhawuntu yomshayeli we-Uber ibe isisuswa ngemuva kwesigameko, kusho isisulu sitshela amaphoyisa.

I-Uber Africa ithi isebenzisana namaphoyisa endawo futhi isimsulile emabhukwini ayo lona wesilisa.

UVan Wyk ucele noma ngabe ngubani onemininingwne ngomshayeli ukuba axhumane nomseshi wecala ku-072 145 4163.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.