Kuthungathwa umsolwa obulale iphoyisa nomama walo

2017-08-28 16:01

Limpopo - Amaphoyisa aseDennilton ngaphandle kwaseGroblersdal aphume umkhankaso wokuthungatha umsolwa ubulale abantu ababili, kubika iDaily Sun.

Lokhu kwenzeke ngeSonto ebusuku ngezithuba zabo-22:00 endaweni yaseMalaeneng, eNtwane village.

Okhulumela amaphoyisa aseLimpopo uMoatshe Ngoepe uthi kukholakala ukuthi umsolwa ufike wahlasela laba bobabili ngaphambi kokubadubula wase eyabaleka.

OLUNYE UDABA:Iphoyisa lakuleli 'libanjwe nezidakamizwa eBrazil'

Ngesikhathi amaphoyisa efika endaweni yesigameko athole iphoyisa lomgwaqo elineminyaka engu-26 ubudala kanye nomama walo, 62, benamanxeba ambalwa wokudutshulwa.

UNgoepe uthi uphenyo lokuqala lukhombisa ukuthi umsolwa uyisoka laleli phoyisa kanti kuthiwa ubaleke ngemoto yohlobo lweToyota Conquest ehlaza ngokombala etholakale elaxazwe egalaji laseSiyabuswa.

Kuthathwe isibhamu saleli phoyisa kanye nezinhlamvu.

Amaphoyisa acela umphakathi ulekelele ngolwazi olungaba wusizo ngokuxhumana noCaptain Richard Boshomane ku- 079 894 5501 noma ku-0860 010 111.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.