Kuthunjwe kwabulawa uthisha ngeValentines Day

2017-02-15 16:01

Johannesburg - Amaphoyisa asazama ukuthola imininingwane ngothisha othunjwe wabulawa ngeValentine’s Day.

Lo thisha wesilisa oneminyaka engu-48 ubudala waKwaNyamazane, eMpumalanmga, utholakale ngokuhamba kwesikhathi esedutshulwe washona, izandla zakhe ziboshiwe.

UBrigadier Leonard Hlathi uthi umkamufi uthe abasolwa abathathu ebebehlomile babambe umyeni wakhe - obengaphandle komuzi - bangena naye endlini.

“Uthe uzwe ngomsindo nje isisulu sesingaphakathi endlini nabasolwa bepequlula izimpahla befuna imali nezibhamu,” kusho uHlathi.

OLUNYE UDABA: Amaphoyisa ashaqe ugwayi ongabiza u-R22m

Abasolwa babaleke nesamba semali esingadalulwanga, bahamba nesisulu kanye nemoto yaso yohlobo lweFord Ranger.

Amaphoyisa akholelwa ukuthi baye kwi-ATM nesisulu basikhiphisa imali.

“Ngokushona kwelanga, kutholakale isidumbu saso endaweni yasePienaar...sisasemotweni,” kusho uHlathi.

Unkosikazi yena akalinyazwanga kulesi sigameko.

- SowetanLive


 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.