Kuvalalwe amasonto ngemizamo yokwehlisa umsindo

2016-07-02 14:04

Lagos - Ngemizamo yokwehlisa umsindo, izikhulu zaseLagos, eNigeria, zinqume ukuvala amasonto angu-70, amathempeli angu-20, amahhotela angu-10 nezindawo zokuzijuxuza.

ILagos, enabantu ababalelwa ku-20 million, idume ngomsindo ochwaza kusukela ekuseni kuze kuyolalwa.

Uma kungewona umsindo wabazalwane abaculayo emasontweni, yizimoto ezishaya amahuthi noma abantu abasuke bezijuxuza emakilabhini.

OLUNYE UDABA: Kuvalwe amathaveni angekho emthethweni

Uhulumeni wenza isethembiso sokuthi uzokwehlisa umsindo okhona eLagos ngaphambi kokushaya kuka-2020 ngoba leli dolobha lingumgogodla womnotho wezwe.

ILagos State Environmental Protection Agency(LEPA) ithe futhi ngeke isabavumela abantu ukuba bakhulekele ematendeni.

Isikhulu se-LEPA uBola Shabi uthe amazinga omsindo asehle ngo-35%, nokho umsindo usephezulu kakhulu.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.