Kuvalwe imigwaqo eSoweto ngenxa yezimfuno zomphakathi

2018-05-02 12:33

eSoweto - Umphakathi uthathele emgwaqeni eSoweto nase-Eldorado Park ngoLwesithathu ekuseni ukhala ngokugqoza kwentuthuko emphakathini.

Kulo mbhikisho oqhubeka eSoweto, kuvalwe imigwaqo embalwa ngamatshe namathayi.

Okhulumela amaphoyisa kaMasipala waseGoli uWayne Minnaar uthi kabayitholi kahle imininingwane mayelana nayo yonke imigwaqo evaliwe.

“Abashayeli bezimoto eSoweto kabagweme ukuhamba emigwaqeni uMojaji ePimville, uKlipspruit Valley Road ekhoneni elingenela ku-N17 e-Orlando West, kanye naku-Union Road eKliptown ngoba le migwaqo ivalwe ngamatshe futhi kushiswa namathayi."

OLUNYE UDABA: ISITHOMBE: Kube ngenyantisa igazi ingozi eyenzeke ku-N3 ngakwaNobamba

Uthi akungeneki nhlobo kule migwaqo kanti abashayeli bangasebenzisa imigwaqo uChris Hani Road, Elias Motsoaledi kanye noSoweto Highway okuyiyona esasebenza okwamanje.

Akukacaci kahle ukuthi yini imbangela yale mibhikisho kodwa kuzwakala sengathi kuhambisana nokwentuleka kukagesi, yizindlu, imfundo yamahhala kanye nemisebenzi.

Amaphoyisa alawula udlame emphakathini aku-N12 naseLenasia njengamanje lapho kuqale khona uthuthuva ekuseni.


Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.