Kuvalwe imigwaqo ngenxa yemibhikisho eGoli

2017-08-08 09:34

Johannesburg – Eminye yemigwaqo emikhulu eGoli ivalwe ngamathayi avuthayo nangamatshe ngoLwesibili ekuseni ngaphambi kokuvotelwa kwesiphakamiso sokungethenjwa kobuholi bukaMengameli Jacob Zuma.

Okhulumela uMasipala waseGoli uChief Superintendent Wayne Minnaar uthi kuphazamiseke ukuhamba kwezimoso emigwaqeni emikhulu neminye imigwaqo eSoweto, Turffontein, Braamfontein nase Hillbrow.

"Umbhikisho kuthiwa umayelana nesiphakamiso sokungethenjwa kobuholi [bukaZuma].”

I-JMPD ibingakakuqinisekisi ukuthi imibhikisho eyalabo abeseka noma abaphikisana noMengameli Jacob Zuma.

OLUNYE UBADA: 'Amalungu e-ANC ngeke avotele ukugudluza uZuma'

Ukuvalwa kwemigwaqo kuphazamise ukuhamba kwezimoto ezingxenyeni ezahlukene zedolobha.

Ukudingidwa kwesiphakamiso kulindeleke kuqale ngo-14:00 ngoLwesibili.

Amamashi aphikisana noMengameli Zuma kulindeleke abanjelwe ngaphandle kwePhalamende eKapa nakwamanye amadolobha amakhulu ezweni lonke. 

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.