Kuvalwe inkantolo yaseSophiatown kulandela sigameko sokudubula

2017-08-25 07:00

Johannesburg - Ibivalwe thanqa iminyango yeNakntolo yeMantshi yaseSophiatown namuhla (ngoLwesine) kulandela isigameko sokudubula esenzeke ngaphandle kwale nkantolo, kusho amaphoyisa.

Kulesi sigameko kudutshulwe owesilisa esiswini nasonyaweni eceleni komgwaqo ngaphandle kwasenkantolo, kusho uWarrant Officer Jerbus de Bruyn.

"Le ndoda ixilongelwe endaweni yesigameko yabe isiphuthunyiswa esibhedlela esiseduzane."

OLUNYE UDABA: Kubulawe abantu abathathu esigamekweni sokudubula eKapa

Isiboshiwe indoda esolwa ngokuba ngushayasibhamu kulesi sehlakalo.

"Le ndoda izamile ukubaleka ngonyawo kodwa yabanjwa. Isibhamu sayo sishaqwe ngamaphoyisa," kusho uDe Bruyn.

Amaphoyisa awakwazanga ukuqinisekisa ukuthi lesi sigameko ngabe kube ngebesingahleliwe noma la madoda (isisulu nomsolwa) ayazana.

Kuphinde kwangacaca noma bebelibangise enkantolo yini ngesikhathi sesigameko sikudubula.

"Isigameko siyaphenywa," kusho uDe Bruyn.


 - SowetanLive

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.