Kuvalwe isikole iqulu lamadoda lizohlasela uthisha oshaye umfundi

2017-09-12 17:59

Durban - Isikole samabanga aphansi eCrossmoor, KwaZulu-Natal, sivaliwe ngemuva kokuhlaselwa ngesihluku kukathisha ofundisa uGrade 7.

Lo thisha uhlaselwe yiqulu lamadoda eligasele kulesi sikole ngoLwesihlanu ekuseni.

Ngokusho kwabazali abakhathazekile, kuhlaselwe kukathisha esikoleni iM Padavatan Primary School okuthiwa washaya ingane ekhanda ngencwadi ekilasini kufundwa.

Ngokubika kwephephandaba i-Rising Sun Chatsworth kuthiwa lo thisha uhlaselwe yiqulu lamadoda lamgqema ingozi ngomphini wepiki ekhanda.

OLUNYE UDABA:Umisiwe uthisha osolwa ngokuzibandakanya ocansini nomfundi

“Abanye ithisha bazamile ukungenelela belamule, kodwa imizamo yabo ayizange iphumelele. Lokhu kwenza sikhathazeke ngokuphepha kwezingane zethu.

"Zivunyelwe kanjani lezi zigilamkhuba ukuba zingene esikoleni zizohlasela othisha?" kubuza omunye wabazali ongafunanga igama lakhe lidalulwe.

Umbiko okhishwe wuthishanhloko ngoMsombuluko uthe: “Nginazisa ngokukhulu ukuzisola ukuthi isikole sizobe sivaliwe ngoLwesibili ngenxa yothisha bakulesi sikole abahoxile emsebenzini. Lesi sinqumo sithathwe ngenxa yokucabangela ukuphepha kwabafundi."

USihlalo wenhlangano evikela umphakathi, uJakes Singh, uthe kumele bathathelwe izinyathelo zomthetho laba abenze lokhu.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.