Kuvalwe isikole sokusoka kutholakala abasokwa belimele kabi

2016-12-30 13:01

Johannesburg – Isikole sokusoka esisepulazini laseFoster Follan Farm ngaphandle kwaseMasilo, Theunissen, sivaliwe.

Ngokusho kukaMalebo Khosana okhulumela amaphoyisa uthe lesi sikole sivalwe ngemuva kokuthi abasokwa balimale kabi ngemuva kokushaywa othisha.

Lesi sikole sivalwe ngoLwesithathu sivalwa amaphoyisa kanye neziphathimandla zoMnyango wezeMpilo.

OLUNYE UDABA:UMotsoaledi ukhuthaza ukusoka

"Sifika kule ndawo sithole abasokwa besesimweni esibi kakhulu futhi benamanxeba amabi okushaywa.

Abosizo lokuqala babizelwe kule ndawo ukuzohlola abasokwa ngaphambi kokuthi baphuthunyiswe esibhedlela iKatleho,"kusho uKhosana.

Kuvulwe icala lokushaya ngenhloso yokulimaza kabi, kubika i-African News Agency


NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.