Kuvalwe umgwaqo kubhikisha umphakathi waseShowe

2018-03-15 12:30

eThekwini - Kuvalwe umgwaqo ophakathi kwaseNkwalini naseMpangeni kanye naseMelmoth uma uhamba ngo-R66.

Lokhu kwenziwe wumphakathi obudinwe ugane unwabo ushisa amathayi nezingodo kusukela ngoLwesithathu ebusuku wase uvala u-R66 no-P230.

Le mibhikisho yaqala ngoLwesibili kwashiswa ipululazi ngemuva kokushona kwengane okusolakala ukuthi ibulawe ngunogada waseCorby Hill Farm ngoLwesibili.

OLUNYE UDABA:Ihostela laseGlebelands liyathinteka kakhulu odlameni e-KZN, kusho ikhomishini

Umsolwa othintekayo esigamekweni sokubulawa kwengane uzovela namuhla (ngoLwesine) eNkantolo kaMantshi yaseShowe.

IZululand Observer ibika ukuthi abalimi kanye namanye amalungu omphakathi waseShowe bebematasa bezama ukubhula ilangabi ngesikhathi amaphoyisa kanye nebeMlalazi Protection Services beqaphe isimo.

NgoLwesine ekuseni imigwaqo u-R66 kanye no-P230 ibisavaliwe kuvalwe nebhulohwe lokweqa umfula uMlalazi ku-R66 ngaphandle kwaseShowe.


NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.