Kuvalwe umuzi okusebenzela kuwo abaqwayizi eSoweto

2018-03-27 19:27

Johannesburg - Amaphoyisa akwa-Metro agasele emzini okukholakala ukuthikusebenza kuwo abaqwayizi kuLerotho Street, eDiepkloof eSoweto, lapho abophe khona indoda etholwe nesibhamu esingekho emthethweni nabantu besifazane abathathu okusolwa ukuthi bangabaqwayizi ngemuva kokuncinzwa indelebe.

UMicheal Sun oyilungu lekomidi lezokuphepha komphakathi, uthe ngoLwesihlanu amalungu omphakathi akhathazekile ancinze indlebe iziphathimandla ngodaba lwesidleke sabaqwayizi.

"Amaphoyisa ophiko lwe-Johannesburg Metropolitan Police Department’s (JMPD), awophiko lwezinja i- K9 Unit  abona owesilisa osolisayo engena kulo muzi abe eseyongena kuwo eyophenya," kusho uSun.

OLUNYE UDABA:Izingwenya ziliqede nya ibhizinisi labaqwayizi eTshwane

"Ngersikhathi ephenya kulo muzi okhonjwe ngamalungu omphakathi, athola ukuthi impela umuzi wabaqwayizi kwathi uma eqhubeka ephenya athola ukuthi le ndoda ayilandelile inesibhamu nezinhlamvu ezingekho emthethweni."

USun uthe indoda eboshiwe uthe umuzi akusiwo owayo, kodwa yavuma ukuthi iqashisele abaqwayizi amagumbi akulo muzi ngo-R200 ngosuku.Sun uthe umsolwa nabantu besifazane abathathu abakwazanga ukukhipha izincwadi ezigunyaza ukuba baqhube leli bhizinisi.

Bobke abasolwa bagcinwe esiteshini samaphoyisa aseDiepkloof kanti babhekene namacala okubalwa kuwo ukuqwayiza nokutholakala nesibhamu nezinhlamvu ezingekho emthethweni.

Le ndaow isivaliwe kanti amaphoyisa azoqhubeka nokuyiqapha.

 - ANA

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.