Kuvela okuxosha abaqeqeshi kwiPirates

2017-08-03 11:11

Durban - Abadlali be-Orlando Pirates bashaqekile kushiya uKjell Jonevret waseSweden esigqikini sokuqeqesha le kilabhu okulindeleke ukuba sithathwe uMilutin ‘Micho’ Sredojevic waseSerbia osanda kudinsila umsebenzi ofanayo kwi-Uganda.

Nakuba leli phephandaba lihabule ukuthi empeleni uJonevret uzazise ngeledlule izikhulu zeBucs ngesifiso sakhe sokushiya, kodwa bebesebumnyameni ngokuthi usezinhlelweni zokuphonsa ithawula, kubika ILANGA.

Kuthiwa zithe makabuye kuleli sonto ukubhunga ngalolu daba.

Nokho abadlali abakhulume naleli phephandaba ngombandela wokungadalulwa, bathe lo mqeqeshi ubengakhombisi ukuthi uzoyishiya le kilabhu ngesikhathi ebaqeqesha ngokuqala kwaleli sonto nayizolo ngoLwesithathu ekuseni.

Bathi ubashiye namazwi okuthi usayohlangana nezikhulu zale kilabhu esiqeqeshwe ngabalolongi abathathu ezinyangeni eziyishumi.

Ithawula liqale laphoswa uMuhsin Ertugral waseTurkey ngoNovemba kwathi u-Augusto Palacios wasePeru washenxa ngoFebhuary izintambo zathathwa nguJonevret.

“Sithuke soma sesibona kwabezindaba ukuthi umqeqeshi wesulile,” kusho umthombo.

Leli phephandaba lithole ukuthi uJonevret phakathi kokumxakile kwiPirates wukungazi ukuthi kumele athathe umyalelo wasiphi isikhulu kwezimbili ezinezikhundla ezimqoka kule kilabhu okuthiwa bezifika nemiyalelo ehlukene kakhulu.

OLUNYE UDABA: OweChiefs uthi akumethusi umuyamaniswa neDowns

“Ngesikhathi kudlalwa owamanqamu weNedbank Cup neSuperSport United eThekwini uJonevret wabophela isikimi esashintshwa ngemizuzu yokugcina,” kusho umthombo oncikene kakhulu nePirates.

Lo mthombo ogagule ngamagama izikhulu ezimbili okuthiwa zibanga amandla kule kilabhu, uthi isimo sizolunga kuphela uma u-Irvin Khoza onguSihlalo engazibambela mathupha ezintweni eziningi ezithinta ukusebenza kwansuku zonke kwale kilabhu.

“Kunabadlali abalibeka ngesihloko elokuthi ngeke badlale umfana bona, bazohudula izinyawo kuze kube uKhoza uyangenelela.

“Ngisho kungafika muphi umqeqeshi ngeke aphumelele uma kusenombango wamandla ngaphakathi,” kuphetha umthombo ogagule nenye yamadodana kaKhoza kulo mbango.

Imizamo yokuxhumana nezikhulu ezigagulwe ngamagama ayiphumelelaga, izingcingo zabo bezivaliwe.

UDerek Blcknsee ongesinye sezikhulu zale kilabhu, uthe akazi lutho ngokuqhubekayo makuthintwe uThandi Morafe ongatholakalanga.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.