Kuvele kwashuba izangoma zikhiphela izigebengu izibhamu

2017-11-07 07:07

EGoli - Izangoma bezimatasa nomsebenzi wazo emfuleni ngesikhathi ziphazanyiswa yizinswelaboya ezintathu ngezibhamu.

Bezicabanga ukuthi kuzihambela kahle lezi zigebengu, kanti azibuzanga elangeni njengoba izangoma zivele zahosha ezazo ezibhamu.

Lokhu kwenzeke eDaveyton ngesikhathi izangoma ezingu-16 kanye namathwasa bematasa beqhuba okuthile emfuleni iCloverdene ngeSonto ekuseni.

UThoko Ndlangisa, 51, uthe: “Amathwasa abesemanzini ngesikhathi kuvumbuza izigebengu singazi ukuthi ziqhamukephi. Oyedwa wazo usikhombe ngesibhamu."

UNdlangisa uthi lezi zigebengu bezingakulindele ukuthi bazozilwela kodwa ogobela ababili bakhiphe ezabo ezibhamu bavulela ngenhlamvu bebhekisi kulezi zigebengu.

OLUNYE UDABA:Ziyavela izangoma ezisolwa ngokuzama 'ukuthwala' ngendodana

Yize lezi zigebengu zivele zacela empunzini uNtombekhaya Mfenyana, 51, akavumanga ukuziyeka zibaleke kalula njengoba ezilandelile waba sezithendeni zazo ezijaha.

"Bengifuna sibambe noma oyedwa wabo simubophise ukuze bezofunda isifundo. Sisinde ngoba sinezethu izibhamu, ukube besingenazo ngabe kuxoxwa enye indaba," kusho yena.

UMfenyana ukwazile ukubamba umsolwa oyedwa wahanjiswa emaphoyiseni aseBenoni.

UNdlangisa uthi ubesabela impilo yamathwasa ngoba lezi zigebengu zibatshele kahle ukuthi bangaphinde babuye kulo mfula.


Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.