Kuvinjwe izindiza ze-SAA eziya nezibuya eHarare

2017-08-20 09:07

Cape Town - Abe-South African National Airways (SAA) bathathe isinqumo sokukhansela zonke izindiza ezibheke eZimbabwe ngoMgqibelo.

Izindiza ebezihleliwe eziphazamisekile ngenxa yalesi sinqumo ebezisuka eGoli zilibangise kuleliya lize yi- SA 022, SA 028 kanye ne-SA 024. Kanti ezisuka eHarare ziya eGoli eziphazamisekile yi-SA 025, SA 023 kanye ne-SA 029.

Amakhasimende abebhukhe lezi zindiza atshelwe enkundleni ka-Facebook ukuthi abaxhumane nehhovisi eliseduze nabo ukuze benze ezinye izinhlelo zokubhukha.

I-SAA ithe izobazisa ukuthi izinhlelo zangeSonto zimi kanjani.

OLUNYE UDABA:I-SAA izohlawulisa abaphatha iSamsung Note 7 ebhanoyini

Abe-SAA baxhumane nabe- Traveller24 beqinisekisa lokhu, kanti ngokusho kwabo, bathi isizathu sokukhansela izindiza wukuqinisa umthetho osuka kwelaseZimbabwe mayelana namaphemithi ezinkampani zangaphandle ezisebenzela kuleliya lizwe ukuze ziqhubeke nokusebenza.

I-SAA inezindiza ezingu-9 ezihambela kuleliya lizwe njalo ngosuku.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.