Kuvuke isikhwele intombi ka-Arthur isola ukuthi ujola noChomee

2017-06-04 13:52

Durban - U-Arthur Mafokate usejola nomunye umculi ongaphansi kwenkampani yakhe, kubika iSunday World.

Lokhu kuvele ngemuva kokuthi uCici osebenzela uMafokate avuke esibhedlela ngenxa yengxabano ekhaya.

Lo mculi ogama lakhe langempela uBusisiwe Thwala uvulele uMafokate icala ngemuva kokuthi amhudule ngemoto.

Ngokwesitatimende asibhale emaphoyisa uCici ubize uMafokate ngesoka lakhe futhi bahlala ndawonye emzini oseMidrand.

Kuthiwa kuvuke isikhwele kuCici njengoba kusolakala ukuthi u-Arther uncinzana noChomeengasese.

Ngosuku lwengxabano, uCici uthi kwangena ucingo kumakhalekhukhwini wesoka ebusuku ngo-8 ngoLwesine sebesekamelweni.

uMafokate wakhetha ukuluphendulela phandle lolu cingo nokuyinto eyamangaza kakhulu intombi.

Kuvuka isikhwele, uCici ulandele esoka efuna ukwazi ukuthi likhuluma nobani njengoba lingafuni ukukhulumela ekamelweni kodwa futhi lilokhu lihleke njalo.

OLUNYE UDABA:Indodana ka-Arthur Mafokate izojoyina uhlelo lwasekuseni oKhozini

Ebona ukuthi uMafokate akamnaki, le ntokazi yazama ukudonsa ucingo esokeni kwasho ukuthi amandla awalingani.

Isoka laqhasha laphuma endlini layongena emotweni lithi alifuni ukuquliswa amacala phambi kwezingane.

Le ntokazi yalandelauMafokate emotweni yabamba isivalo semoto, uMafokate wadumisa imoto yasuka ehudula nentombi eyayibambe isivalo ifuna ukungena ngenkani.

ULungelo Dlamini okhulumela amaphoyisa ukuqinisekisile ukuvulwa kwecala wathi no-Arthur Mafokate naye uvulele intombi icala njengoba eyisola ngokuthi ibimshaya ngezitulo netafula ifuna umakhalekhukhwini wakhe ngenkani.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.