Kuvulwe isikole esisha sabakhubazekile eGoli

2017-10-17 18:00

eGoli - Isikole esaziwa ngeNokuthula LSEN School okuthiwa senziwe ngemali elinganiselwa ku-R300 million sethulwe ngoLwesibili nguNdunankulu waseGauteng, uDavid Makhura, noNgqongqoshe wezeMfundo esifundazweni uPanyaza Lesufi kanye nowokuThuthukiswa kweNgqalasizinda, uJacob Mamabolo, eLyndhurst, eGoli.

"Namuhla siqinisekisa ushintsho, izingane zethu ezikhubazekile zingabantu nazo kanti futhi sizithathela phezulu, akumele zifuhlwe emakhaya," kusho uLesufi.

Kuthiwa lesi sikole singamelana nanoma yisiphi isimo sezulu esingesihle kanti sizoqala ukwamukela abafundi ngo-2018.

OLUNYE UDABA:Bavutha bengabaselwe abaphila nokukhubazeka eNgwavuma

ULesufi uthi odokotela kanye nongcweti abasebenza ngabakhubazekile bazosebenzela kulesi sikole ubusuku nemini ukuqinisekisa ukuthi izingane zithola usizo olusezingeni.

Lesi sikole sithatha abafundi abakhubazeke ngezindlela ezihlukene, okubalwa ngokomqondo, abane-Autism kanye nokunye ukukhubazeka.

Abafundi abafunda lapha bazothola isitifiketi se-General Certificate of Education: Technical Occupational Curriculum.

Zingu-120 izikole zabakhubazekile eNingizimu Afrika, uNdunankulu uMakhura uthi lesi sikole sizothatha abafundi abangu-560, kanti futhi bangu-80 abangakwazi ukuhlala ngaphakathi esikoleni, kubika iThe Citizen.


NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.