Kuxoshwe abafundi abasolwa ngokuba amalungu eqembu likaSathane

2017-01-26 18:01

Durban - Basabisa ngokuvala isikole abazali bezingane ezili-14 ababhodla umlilo njengoba zixoshwe esikoleni nguthishanhloko ngoba ezisola ngokuthi zingamalunga eqembu likaSathane.

Abazali balezi zingane ebezifunda KwaMathanda High School kwaBB eMlazi, eningizimu yeTheku, banqumele uthishanhloko wakulesi sikole ugwayi katiki bathi uma engazibuyiseli, bazosivala thaqa lesi sikole.

Laba bazali bazifikele bathupha emahhovisi aleli phephandaba bethukuthele begane unwabu bethi sebekhathele wukuncenga uthishanhloko. Bathi izingane zabo zixoshwe ngoNtulikazi (July) wonyaka ophelile.

OLUNYE UDABA: Kuxoshwe abafundi abakhonza kaShembe ‘ngenxa yezihluthu’

UNkz Nonhlanhla Hadebe okuxoshwe indodana yakhe, uthi izingane zabo zineqembu lomdanso nomculo elibizwa ngePYD.

"Isono sezingane zethu wukuthi zisuke zaveza esikoleni ukuthi zineqembu lomdanso elibizwa ngePYD. Ngemuva kokuzwa lokho, uthishanhloko uzixoshile wazitshela ukuthi usetholile ukuthi yiqembu likaSathane leli ngakho akasazidingi esikoleni sakhe," kusho uNkz Hadebe.

Uthi sebegqigqe baze bakhathala esikoleni beyoncengela izingane zabo ukuba zibuyiselwe kodwa uthishanhloko abachithe ngokuthi udaba useludlulisele kumhloli.

"Kuze kwagcina ngokuthi siziyele thina mathupha kumhloli uMdabe siyozizwela ukuthi kungani izingane zethu zingabuyiselwa esikoleni, kodwa sifike sathola ukuthi ubengazi lutho ngodaba uze waluzwa ngoba esexoxelwa yithina.

"Sesikhulume kwaze koma amathe naye umhloli sincenga nakuyena ukuthi abuyisele izingane zethu esikoleni kodwa kasisizakali," kusho yena.

Uthi umhloli ubatshele ukuthi angabasiza ngokuthi izingane zabo azifake kwezinye izikole eziqhelile ukuze ezozihlukanisa ngoba uma zifunda esikoleni esisodwa zidala inkinga.

Laba bazali bakhale ngokuthi umhloli ubatshele ukuthi uzozizamela ezikoleni ezikude namakhaya azo inkinga kabasebenzi, ngeke babe nayo imali yokuzigibelisa. 

Okhulumela uMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal, uMnu Muzi Mahlambi, uthe: "Kuyasishaqisa ukuthi kunabazali abangahlala isikhathi eside kangaka nezingane emakhaya zingafundi ngoba zichithwa esikoleni.

Umhloli uMdabe umele umnyango ngakho uma behluleka kuyena bekumele badlulele kwabamphethe, udaba luze lufike kungqongqoshe. Sizongenelela kulolu daba sibone ukuthi bangasizakala kanjani laba bafundi.

# Khonamanjalo esinye isigameko esenzeke kulesi sikole ngoLwesibili, umfundi ugqimuze uthishanhloko ngequpha emagcekeni kubuka abafundi ngemuva kwengxabano engaziwa. Kuthiwa uthishanhloko uqale washaya umfundi ngempama nomfundi wabe esephindisela ngequpha.

Ukhalelwe ngamasongo kaSigonyela lo mfundi izolo ngoLwesithathu kulindeleke ukuba avele eNkantolo yeMantshi yaseMlazi khona maduze.

 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter                 

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.