Kuxoshwe amaphoyisa emlindelweni wamadoda abulawa ku-N2 eThekwini

2017-08-14 16:01

Durban - Ukudlula emhlabeni kwamadoda amane, okukholakala ukuthi ayizigebengu ezaziwayo eziduna izimoto eziphambili ukuze ezozisebenzisa uma eseyoqhuba ubugebengu, kumise konke endaweni yaseNewtown A, eNanda ngesikhathi kuqhubeka umlindelo nomngcwabo wawo ngempelasonto.

Lokhu kudale isiphithiphithi esifanayo naleso sokudubula esenzeka phakathi kwala madoda - okhukholakala ukuthi ayesendleni eyophanga endaweni ethile ehamba ngemoto yohlobo lwe-Mercedes Benz - namaphoyisa kuthelawayeka uN2 eduzane nakuNandi Drive, ngesono eledlule.

Amaphoyisa abona le moto inabantu abangu-5 phakathi azama ukuyimisa, kodwa abasolwa bavulela ngenhlamvu bebhekise emaphoyiseni base bebaleka.

Isigameko sadala esikhulu isiminyaminya kulo mgwaqo kulandela ukubulawa kwabasolwa abathathu kwalimala oyedwa.

OLUNYE UDABA:Sebebathathu abasolwa ababulewe esigamekweni saku-N2

Kulesi sigameko kwalimala nomunye umshayeli, uDebbie Stephen, osasesibhedlela namanje ngemuva kokuba imoto yakhe yashayisa kulesi sigameko.

Abasolwa abathathu abadutshulwa babulawa nguThulani Cele, 30, Lebohang Magwaza, 27, noMthokozisi Khafu, 33.

Amaphoyisa abetshalwe ukuqapha kulo mngcwabo akhandwe ngamatshe kwaphinde kwahlaselwa nezimoto zamaphoyisa emlindelweni wamadoda amabili ngoLwesihlanu.

Kusolwa ukuthi iqulu labantu lakhanda amaphoyisa ngamatshe, liwasabisa liphinde liwatshela ukuthi awaphume aphele kuleya ndawo.

Khonamanjalo, umsolwa wesihlanu uyalulama esibhedlela kanti uqashwe ngamaphoyisa.

Umsolwa osesibhedlela uzobhekana nenqwaba yamacala, okubalwa kuwo elokuzama ukubulala, ukutholakala nempahla okusolakala ukuthi yebiwe nelokutholakala nesibhamu esingekho emthethweni nezinhlamvu, uma esephumile.

Okhulumela amaphoyisa uLt-Col Thulani Zwane, ngeSonto uqinisekise ukuthi icala lidluliselwe emaphoyiseni ophiko lwe-Independent Police Investigative Directorate (Ipid). 



 - Daily News

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.