Kuxoshwe ikhansela le-ANC 'ngokudayisa' umhlaba

2017-10-18 11:00

Johannesburg – I-integrity Committee ye-ANC esifundeni saseGoli ixoshe ikhansela lakuwadi 92, uLeepile Motsumi, ngezinsolo zokudayisa umhlaba ngokungemthetho, kusho inhlangano ngoLwesibili.

UMotsumi ususwe ngokushesha esikhundleni sokuba yikhansela, kusho okhulumela i-ANC eGoli uJolidee Matongo esitatimndeni.

UMatongo uthe ikomidi lihlangane ngomhlaka-26 Septhemba ukudingida lezi zinsolo.

Uthe emhlanganweni uMotsumi wanikezwa ithuba lokuchaza, kodwa ngemuva kokucabangisisa kahle kuthathwe isinqumo sokuthi izenzo zakhe kazilungile futhi zikhombisa ukungathembeki, azamukelekile.

OLUNYE UDABA: Kudutshulwe umuntu kwesokudubulana e-airport

Kuthiwa umhlaba wadayiswa ngemali engu-R50 000 omunye ngo-R80 000, esho.

I-ANC eGoli ithi lezi zinsolo zingcolisa igama lenhlangano futhi ziyifaka ehlazweni.

UMatongo unxuse amakhansela ukuba ahlukane nokwenza izinto ezingcolisa igama le-ANC.

Uphinde wathi izakhamuzi kumele zibike ngezinto eziphambene nomthetho ezenziwa amakhansela.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.