Kuxoshwe umfundi ngenxa yezintambo zaseZayoni

2016-07-07 11:33

Johannesburg - Kusacuke iCommission for the Promotion and Protection of Rights of Culture, Religious and Linguistics Rights Communities (CRL) ngemuva kodaba lo mfundi oshoshwe esikoleni ngoba efake izintambo zaseZayoni, kubika iphephandaba ILANGA.

Umfundisi waseMpolweni Secondary School eMgungundlovu, maphakathi nesifundazwe saKwaZulu-Natal, obenfunda uGrae 9, uthi uthishanhloko umxoshile esikoleni ngenxa yezintambo azifakile, wathi bayazesaba.

UMzovukile Mthembu,20, uthi uzizwa ehlukumezekile ngalesi senzo sesikole ngoba uma engazifakile izintambo uphathwa yikhanda noma avele awe ngenxa yemimoya kwazise unesithunywa.

Uthi utshelwe ukuba akafundele ekhaya ukuze engawukhohlwa umsebenzi wesikole.

Funda nalolu daba: Kuboshwe iphoysia nojele ngoshayela bephuzile

UBoy Mthembu, ongubaba womfundi uthi uzamile ukuyochazela uthishanhloko kodwa wehluleka.

Uthi utshelwe ukuthi ngeke kulunge aqhubeke nokufunda kungcono ayogulela ngasekhaya.

Usihlalo we-CRL, uThoko Khwanazi-Xaluva, uthi isikole asihlangene nenkolo yomfundi ngoba iyilungelo lakhe, wathembisa ngokuthi bazolusukumela lolu daba.

USihle Mlotshwa okhulumela uMnyango wezeMfundo eKZN uthi kuphambene nomthetho okwenziwe yisikole.

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.