Kuxwayiswa abahamba ngezitimela ngokumiswa kwazo

2017-10-10 16:06

Durban - IPassenger Rail Agency of South Africa (PRASA) isithumele umyalezo ophuthumayo kubagibeli bayo beMetrorail KwaZulu-Natal ngokumiswa kokusebenza kwezitimela ngenxa yesimo sezulu esingesihle.

Ukumiswa kokusebenza kwezitimela kuza ngemuva kokusabela ukuthi imvula ena ngamandla ingase idale ukuthi kube namanzi amaningi kojantshi.

Abagibeli bayanxuswa ukuba bazame ezinye izinto zokuhamba kuze kube isiphepho siyadlula, uMetrorail ukwazi ukuhlola umonakalo bese wenza isimemezelo ngemuva kwalokho uma isimo sishintsha.

Abagibeli bayanxuswa ukuba babheke isibikezelo sezulu yikhona bezokwazi ukuhlela kahle ukuthi bazohamba kanjani.

Lokhu kulandela ukuthi uMasipala weTheku ukhiphe isexwayiso unxusa izakhamuzi zaseThekwini namaphethelo ukuba zihlale ezindlini njengoba izulu lingelihle.

Izakhamuzi ziphinde zanxuswa futhi ukuba zingashayeli noma zithathe uhambo njengoba izulu lingelihle nje.

Umoya uvunguza ngo-70km/h kanti lokho kusho ukuthi kuyingozi kakhulu ukuphumela ngaphandle. Lesi simo sezulu esingesihle siholele ekutheni ivalwe yonke imigwaqo eseningizimu yeTheku.

Kuphinde kwaxwayisa nabazothatha uhambo ngokuthi kuzoba nokubambezeleka kokuhamba kwezindiza esikhumulweni sezindiza iKing Shaka.


NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.