Kuxwayiswa abashayeli njengoba liyidliva eKZN

2016-07-26 08:34

Johannesburg - Abezimo eziphuthumayo KwaZulu-Natal sebexwayise abashayeli bezimoto ngokuthi bangazami ukuwela emabhulohweni agcwele amanzi njengoba imvula isayidliva nangoLwesibili.

"Imvula isaqhubeka nokuyidliva oGwini oluseNingizimu kanti kubikwe ukuthi kunezimoto ezimbili ezigugulwe amanzi emabhulohweni.” kusho okhulumela i-Emergency Medical Services uRobert Mckenzie.

NgoMsombuluko, abosizo lokuqala beCrisis Medical babike ukuthi kunemoto egugulwe amanzi emgwaqeni waseThekwini ngezithuba zabo-06:00 ntambama.

Funda nalolu daba: Kushone indoda engozini yebhasi eLimpopo

"Owesifazane oneminyaka engu-39 ubudala ubehamba ngoRonaldo Road elibhekise ngakuNorth Coast Road ngesikhathi ezwa imoto yakhe ingasalawuleki,” kusho iCrisis Medical esitatimendeni.

Amanzi agugule imoto ayiphosela eweni kodwa umshayeli, obeyedwa emotweni, ukwazile ukuphuma engenamyocu, kubika iTimesLive.

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.