Kuxwayiswa intsha ukuba ingaluthwa yiValentine's Day bese izibandakanya ocansini

2018-02-14 12:31

Durban - UNgqongqoshe wezeMpilo KwaZulu-Natal, uDkt Sibongiseni Dhlomo unxuse abantu abasha ukuba bangadidwa wubukhazikhazi obuhambisana neValentine's Day, baze benze ucansi ngendlela engahlelekile ngoba bedidwe wuthando.

Uthe intsha kumele izithibe ocansini, wananela ngokuthi "lokho kungukhiye wokubasiza ekutheni bafezekise izifiso zabo ngokwemfundo nangokwezempilo".

"UFebhuwari waziwa njengenyanga yothando. Kanti njengoba kuyiValentine's Day, siyazi ukuthi abantu abasha bangase balingeke ekutheni benze izinto ezizoba nomthelela ongemuhle impilo yabo yonke, njengokuzibandakanya ocansini olungaphephile.

OLUNYE UDABA: Kunxuswa abazali ukuba bakhulume nezingane zabo ngocansi

"Yize intsha esezikhungweni zemfundo ephakeme ingenazo izifo, kepha isengcupheni yokukhulelwa isencane, ukusuleleka nge-HIV nangezinye izifo ezisulelana ngokocansi," kuxwayisa uDhlomo ngoLwesibili esitatimendeni.

UDhlomo uthe imikhankaso efana neFirst Things First, DREAMS, neShe Conquers, izoqhubeka kulesi sifundazwe ukusiza abantu abasha ukuthi benze izinqumo ezifanele mayelana nokuzibandakanya ocansini.

"Sikhathazeke kakhulu ngabantu besifazane abasebancane, abaseminyakeni ephakathi kuka-15 no-24 ubudala, ngoba yibo abasengozini yokusuleleka nge-HIV ngenxa yokuzibandakanya ocansini nabantu abadala abaziwa ngama-Blesser."

Uthi ucwaningo lutshengisa ukuthi amadoda amadala athandana nezingane imvamisa azisulela nge-HIV.

"Lawo mantombazane abe esethelela abafana abalingana nawo ngezifo," esho.


Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic

Jobs in Cape Town [change area]

Jobs in Western Cape region

SQL Reporter

Cape Town
Communicate Cape Town IT
R10 000.00 - R12 000.00 Per Month

Cluster Financial Manager

Cape Town
Network Finance
R950 000.00 - R1 000 000.00 Per Year

Reporting Accountant

Cape Town
Network Finance Professional / Prudential
R310 000.00 - R360 000.00 Per Year

Property [change area]

There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.