Kuxwayiswa izakhamuzi zaseThekwini ngenyoka edukile

2017-01-24 18:00

Durban - Lowo osebenza ngokubamba izinyoka eDurban North, uJason Arnold, usexwayise izakhamuzi zasePhoenix, eClayfield, ukuba ziqaphele njengoba kuthiwa kuduke inyoka yohlobo lweRinkhals kuleya ndawo.

Kuthiwa le nyoka ayiwona umsinsi wokuzimilela eThekwini, kepha igcine isitholakala khona ngemuv a kokuthola u-lift, kubika iNorthglen News.

“Kusolakala ukuthi le nyoka inyonyobe yayongena elolini ebisuka eGauteng. Lokhu kulandela ukuthi ufeleba walolu hlobo usanda kubonakala kwenye yamaloli ezinsukwini ezimbalwa ezedlule.

OLUNYE UDABA: Kucishe kwashayisana izimoto ku-N2 abantu bephethe inyoka enkulu

“Ngibe sengithola ucingo kuthiwa le nyoka ibonakale komunye umuzi ePhoenix. Le nyoka itholakale ilele ngomqolo (lolu hlobo lwenyoka ludume ngokuziqulekisa), nokuthe uma ingane iyishaya ngebhola yavuka yamisa ikhanda yalungela ukuhlasela,” kusho u-Arnold.

Uthe lo holokoqo ube usukhafula ushevu ubhekise enjeni yakulo muzi ngaphambi kokuthi lubaleke.

U-Arnold ube esecela izakhamuzi ukuba zimshayele kule nombolo uma zibona le nyoka; 082 745 6375.

"Ngiyacela ningazami ukuyibamba ngoba iyingozi kakhulu."

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.