Kuxwayiswa ngeqhinga elisha lamasela lokweba impahla emizini yabantu

2018-03-22 19:30

Durban - Kuxwayiswa izakhamuzi ngokugcina izimpahla eziyigugu ezindaweni okwenza kube lula ukuba amasela afinyelele kuzo.

U-Andrea Mathios, weBlue Security Community uthe amasela akwazile ukudonsa i-laptop yesinye isakhamuzi evele ngewindi emzini waso ngoLwesithathu.

UMathios uthe amasela akwazile ukungena emzini wesisulu okuGrosvenor Road, eGlenmore, ekuseni ngoLwesithathu ngesikhathi ebona i-laptop ngemuva kokulunguza ngewindi.

"Abasolwa bakwazile ukukhipha i-laptop ngewindi maqeda babaleka," kusho uMathios.

OLUNYE UDABA:Kuthungathwa amasela ebe amabhayibheli esitolo sezincwadi

Uxwayise izakhamuzi ngokuqinisekisa ukuthi impahla efana nama-laptop, ama-tablet, amaselula nezikhwama zemali igcinwe endaweni ekude namawindi nezicabha, wathi amafasitela kufanele ahlale evaliwe ebusuku.

"Izigilamkhuba sezizakhele izinto 'zokudoba' impahla, ziyikhiphe ngamawindi kalula, zisebenzisa izinduku ezinde namanethi. Ngakho qinisekisa ukuthi impahla yakho igcinwe endaweni engabonakali.

"Qiniseka nokuthi amawindi avaliwe uphinde ufake ne-alamu azokwazi ukuyicupha ebusuku," esho.

Uthe amaphoyisa abekhona endaweni yesigameko ephenya.

Amaphoyisa awatholakalanga ephawula kwaze kwashaya isikhathi sokushicilela.



 - Daily News

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.